Unwabu
Unwabu yisilwane esihuqazelayo esaziwa ngokushintsha umbala ukuze sizivikele noma sivumelanise nendawo esikuyo. Sinamehlo akwazi ukubheka izinhlangothi ezahlikene ngesikhathi esisodwa, futhi sibamba izinambuzane ngolwimi lwaso olude nolusheshayo. luvame ukuhlala ezihlahleni ludle izilwane ezifana nezimpukane.[1]

Unwabu lutholakala emazweni amaningi ikakhulukazi ezindaweni ezifudumele emazweni amaningi ase -Afrika kuhlanganise ne Ningizimu Afrika eMozambique, eZimbabwe, eKenya, naseTanzania. Ezingxenyeni ezingxenyeni ezithile zase Yurophu. Isiqhingi saseMadagasca sidume kakhulu ngoba sinenani elikhulu kakhulu lezinhlobo zonwabu emhlabeni[2].
Unwabu ludla izilwane ezifana nezimpukane, imiyane, izintethe, amabhungane kanye nezicabucabu.Lubamba ukudla ngolwimi lwalo olude olunamathelayo oluphuma ngokushesha,Lokukudla kukhulisa unwabu nokuthi luphile kahle endaweni yemvelo.[3]
- ↑ "Chameleons | Zoology | Research Starters | EBSCO Research". EBSCO (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-07.
- ↑ admin (2025-02-07). "Top five places to see chameleons in the wild". Chameleon Academy (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-07.
- ↑ "What do Chameleons eat? - ExoticDirect" (in i-English). 2021-08-25. Kulandwe ngomhlaka 2026-08-07.