Umaqandule
Umaqandule noma umakhulumaqandule (uyafana nomphikeli) uhlobo losomthetho kumagunyandawo anomthetho ovamile owavela eNkundleni -Inns esimisweni sezomthetho saseNgilandi sangenkathi ephakathi. Omaqandule ngokuyinhloko bagxile ekukhulumeni nasekuphikiseni nasenkantolo. Imisebenzi yabo ihlanganisa ukuphikisana ngamacala ezinkantolo nakwezinye izinkundla, ukuxhokoviya izicelo zomthetho, ukucwaninga ngomthetho nokunikeza imibono yezomthetho.
Omaqandule bahlukile kubalanduleli nezinye izinhlobo zosomthetho (isib. abagunundi bomthetho abaqashwayo) abanokufikelelo oluqondile kubakhozi, futhi abangenza umsebenzi wezomthetho wokunaniselana. Kwezinye izinhlelo zomthetho, kufaka phakathi lezo zaseNingizimu Afrika, IScandinavia, IPakistan, INdiya, IBangladesh, nase-Isle of Man, abanye abaphikeli benkantolo kanye nezimantshi basebenzisa igama elithi umakhulumaqandule njengesiqu esihloniphekile.
Ezindaweni ezimbalwa, omakhulumaqandale bamenqatshelwa "ukuthatha" amacala, futhi balinda ukujutshwa omunye usomthetho, owenza imisebenzi enjengokubhalelana nabadinga usizo nenkantolo, nokuxhokoviya imiqulu yasenkantolo. ENgilandi naseWales, omaqandule bangafuna imvume ye-Bar Standards Board ukuqhuba icala, okuvumela umaqandule ukuba asebenze ngezinga eliphindwe kabili.