Jump to content

Ubukhosi

Kubuya ku Wikipedia

Ubukhosi

Umqhele

Ubukhosi indlela yokubusa lapho kukhona inkosi ehola abantu emphakathini.Inkosi iba ngumholi wesizwe futhi isebenza nabanye abantu ukuze kugcinwe ukuthula nokuhleleka .Ubukhosi buyingxenye ebalulekile yesiko lakwaZulu nakwamanye amasiko[1] aseNingizimu Africa.

Inkosi inemisebenzi eminingi emphakathini.Iyahola abantu ilalele nezinkinga zabo iphinde ithole izixazululo .Iphinde ikhuthaze abantu ukuthi bahloniphe futhi bahlalisane kahle.Ubukhosi buhlobene kakhulu namasiko nemikhuba yabantu.Imicimbi yesintu [2]nemikhosi ethile ingaholwa noma ihanjelwe yinkosi.Lokhu kusiza ukugcina edluliselwa kwisizukulwane esilandelayo.Abantu nabo bahlonipha inkosi [3]ngenxa yesikhundla sayo emphakathini .ENingizimu Afrika,ubukhosi busadlala indima ebalulekile kakhulu ikakhulukazi ezindaweni lapho ubukhosi busabalulekile.

Ubukhosi bumele isithunzi nobunye besizwe .Ubukhosi buphinde busize ekufundiseni intsha ngamasiko, umlando kanye nemikhuba yesizwe. Lokhu kwenza amasiko aqhubeke nokwaziwa futhi adluliselwe kubantu abasakhulayo. Inkosi kufanele ihole abantu kahle, ibalalele futhi ibasize uma benezinkinga. Abantu nabo kufanele bahloniphe inkosi, amasiko abo kanye nabanye abantu.Ubukhosi busiza ekwakheni ubunye nokugcina isizwe sihlangene.

Imithombo:

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ AMASIKO NOBUNGCALI BAKWANTU. Mwanaka Media and Publishing Pvt Ltd. 2024-01-23. pp. 9–11. ISBN 978-1-77933-174-8.
  2. ↑ Moyo, Herbert (2023). "The Nguni traditional 'religious' thoughts". Diversifying Philosophy of Religion: 218–228. doi:10.5040/9781350264038.0022.
  3. ↑ Zungu, Manzini (2024-03-15). uShaka Inkosi Yamakhosi. UJ Press. ISBN 978-1-7764242-4-5.